Thina kulo Mnyango siyazinikela ukubeka imigomo elandelayo ye " People First " ekusetshenzisweni ngaphandle kokuchitha isikhathi . Sizawuphakamisa ukwenziwa komsebenzi okufinyelela emazingeni aphezulu okusebenza amukelwayo nesimo esifanele ngokushesha.
Kumele uqiniseke ukuthi ukuBonisana kuyenziwa njalo nangendlela ehleliwe ukuze iHhovisi lakho likwazi ukubhekana nezidingo zama khasimende akho.
Izakhamuzi kumele zitshelwe ngezinga nesimo esifanele sezinsiza zikahulumeni abazitholayo ukuze bazi ukuthi kumele balindeleni.
Kumele ubeke obala ubeke nezimiso zokwandisa ukufinyelela okuqhubekayo kulabo abangazange bakuthole ngaphambilini, isib. Abantu abakhubazekile.
Kumele uqinisekise ukuthi zonke izithikamezo ekufinyeleleni ziyasuswa.
Izakhamuzi kumele zihlonishwe futhi zinakwe.
Udinga ukuqiniseka ukuthi indlela yokuziphatha yomNyango ifakela amazinga endlela amakhasimende okumele aphathwe ngayo.
Izakhamuzi kufanele zinikezwe ulwazi olugcwele noluqondile ngezinsiza zikaHulumeni abanelungelo lokuzithola.
Ekusebenziseni ilungelo lalo lokuthola izinsiza ezifanele. Emahhovisi kumele anikeze ulwazi olugcwele noluqondile, futhi kube ulwazi olusha ngezinsiza abazinikezayo.
Izakhamuzi kumele zaziswe ukuthi kusetshenzwa njani emaHhovisi kaZwelonke noweziGodi, nokuthi abiza kangakanani futhi aphethwe ngubani.
Amakhasimende angaphandle akuwona wodwa okumele afinyelele lolu lwazi kodwa nabasebenzi bangaphakathi kufanele baluthole . Umsebenzi wokuphatha kumele ungabi yimfihlo. Udinga ukunikeza ulwazi ngomsebenzi wakho ngokulinganisa namazinga abekiwe okusebenza okuthuthukisiwe, ukugcinwa kwezimali nokusetshenziswa ngendlela efanele. Imininingwane yamalungu abasebenzi kanye nabakhulu akumele ube yimfihlo.
Uma amazinga athenjisiwe ezinsika anganikeziwe, kufanele kuxoliswe kuzakhamuzi, zinikezwe nencazelo ephelele kuphinde kunikezwe nekhambi elisheshisayo nelisebenzayo futhi uma kufakwa izikhalazo, izakhamuzi kufanele zinikezwe impendulo enesihawu futhi eyakhayo.
Amandla nokufisa ukwenza okuthile uma izinto zingahambi ngendlela efanele awukusebenzisana okubalulekile kwenqubo yokubekwa kwamazinga . Udinga ukugqugquzela ukunikezwa impendulo ehhovisi lakho.
Izinsiza zikaHulumeni kufanele zinikezwe ngokonga nangendlela efanele ukuze kunikezwe izakhamuzi ukusebenza kwemali.
Udinga ukuthola izindawo lapho ukonga kudingeka khona kanye nokuthuthukisa ukunikezwa kwezinsika okuzawuholela ekongeni.
